Usobishini obanjwe eshushumbisela amazambane kwelakubo

2017-08-12 15:42

Bulawayo - Izithole isobishini indoda yaseLuveve eBulawayo ngemuva kokuboshelwa ukushushumbisa amazambane kwelakubo isuka eNingizimu Afrika.

UPrevious Dube, 30, uvele phambi kweMantshi yeNkantolo yaseBulawayo, uTinashe Tashaya, ngecala lokushushumbisa.

Kusolwa ukuthi ngomhlaka-3 Agasti amaphoyisa aseLuveve ancinzwa indlebe ngokuthi uDube umatasa uthulula amazambane awashushumbele kwelakubo esuka eNingizimu ASfrika ngeloli.

OLUNYE UDABA:Udedeliwe owazama ukushushumbisa imali ngobhanana ejele

Amaphoyisa agasela emzini wakhe athola imitsholwane yamazambane angu-23.

Amaphoyisa abuza uDube ukuthi ziphi izincwadi ezigunyaza le mpahla, wahluleka ukuphendula wabe eseboshwa,

La mazambane ashushumbiswa alinganiselwe emalini engu-R770.

 - Bulawayo24

News24
«Emuva