Akakapheli amandla ngomkhankaso wakhe 'uMr-90%'

Ngu: Mlungisi Mbhele 2017-10-12 16:03

Durban - Akakapheli amandla ngomkhankaso wakhe ka-90% wokudlalwa komculo wakuleli uHlaudi Motsoeneng yize engasekho kwa-SABC.

Lesi sikhulu esesibizwa ngo-Mr 90% ngenxa yalo mkhankaso waso owasidalela amazinyo abushelelezi kwabanye kodwa wesekwa ngabaculi bakuleli sithi sifuna abenkampani yezindiza iSouth African Airways idlale umculo wakuleli kuzo zonke izikhumulo.

UMotsoeneng ubeyisikhulumi esiqavile emcimbini wenkampani yomculo iBlue SA Records ebithula i-albhamu yomculi wayo uRoyal Son ehhotela lomntakabani i-Oyster Box, eMhlanga, enyakatho yeTheku ngoLwesihlanu ebusuku.

Lesi sikhulu sithe asizukuphela amandla ngomkhankaso waso yize sesingasekho kule nhlangano esakaza ngomoya.

OLUNYE UDABA:Uzobamba isithangami sabezindaba owakhishwa kwesiphezulu eSABC

Sithe sake sakhuluma noDudu Myeni ongiSihlalo webhodi lwakwa-SAA ukuthi kumele umculo wakuleli udlalwe ezikhumulweni zezindiza kuleli kube yiwo okwamukelwa ngawo izivakashi.

"Kakumele isivakashi saseMelika sidideke ukuthi sesifikile yini eNingizimu Afrika uma sehla e-OR Tambo International Airport ngoba kumele sizwe ngomculo wakuleli ukuthi sesifikile lapho siyakhona. Ngisazoqhubeka ngibalelwe abaculi bakuleli ukuze bathole ukuhlonishwa okubafanele,” kuchaza uMnu Motsoeneng.

Uphinde wathinta indaba yokugwaziswa kwabaculi kwa-SABC, wathi uyazi ukuthi abaculi bafunwa intshontsho ngaphambi kokuba kudlalwe umculo wabo.

Ukukhahlele ngazo zombili ukuthi lenhlangano yokusakaza icwile ezinkingeni zemali ngenxa yakhe ngohlelo luka-90%, wathi yena uyishiye inemali elinganiselwa ku-R800 milliom ebhange, wathi ngeke ahlanganiswe nokwenzeke engasekho.

Mayelana nokuthi umculo wasekhaya uxosha abezikhangiso, uthe lokho kuyamxaka ngoba imidlalo evutshelwe lapha ekhaya kwa-SABC nakwezinye iziteshi yiyo engenisa kakhulu imali.

Uthe kwa-SABC imali ifakwa yimidlalo efana noZalo, Generations noMuvhango, hhayi o-Bold and Beautiful noDays of our Lives okuyimidlalo yaphesheya.

Kulo mcimbi wokwethulwa kwe-albhamu ka-Royal Son, ethi Cabhayiyane bekugcwele osaziwayo okubalwa kubo, uSelby Mkhize woKhozi FM obengumphathi wohlelo, uKhetha Gwala obhekene nokuqokwa kwezingoma ezidlalwa emoyeni kuKhozi FM noZanda Mthembu osakaza uhlelo lweHip Hop iNamba Namba khona oKhozini.

Kubaculi abebezimazise umcimbi i-Afro Soul egabe ngengoma eshisa izikhotha kulezi zinsuku ethi iNkomo Yami abayicula noKhuzani Mpungose.

Le albhamu yalo mculi ogama lakhe langempela ngu-Andile Zindela inezingoma ezingu-14 ezixube i-Afro pop ne-Afro jazz.

URoyal Son ngokokuzalwa ungowakwaShobashobane, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal yize esezinze eGoli.



News24
«Emuva