BUKA: Ukuthi kuphunyulwa kanjani uma udunwa imoto

2017-05-19 18:01

Ningizumu Afrika – Ngaphambilini ngenyanga kaMeyi, iWheels24 yabika nge-video yesigameko sokudunwa kwemoto esafakwa yi-'Crime Intelligence and Community Awareness' nalapho kubonakala khona umshayeli ephunyula ngenxa yokuthi washeshe wasola.

OLUNYE UDABA: Video: Izimoto zikanokusho okubaleke ngazo izigebengu eMhlanga

Ngokwezibalo ezikhishwe yiSouth African Police Service ngoMashi 2017, zingu-12 743 izimoto ezidunwe eNingizimu Afrika phakathi kuka-Ephreli kanye noDisemba 2016 – lokhu ukunyuka ngo-14.9% uma kuqhathaniswa nonyaka ka-2015/16.

Zibonele ezinye zezigameko zokudunwa kwezimoto ezagcina zingaphumelelanga ngenxa yokuthi abashayeli bacabanga ngokushesha. 

Wheels24
«Emuva