Inja izitike ngesidumbu somnikazi wayo

2017-07-17 19:30

Kimberley - Isidumbu sendoda eneminyaka engu-61 ubudala, esatholwa emzini wayo oseHerlear ngesonto eledlule, sesihlonziwe ngemuva kokuthi sitholakale sesonakele.

Inja yale ndoda, okuthiwa ibingahlukani nayo, kuzodingeka ukuba ibulawe ngemuva kokutholakala kokuthi idle isidumbu sikamufi.

Abebesendaweni yesigameko baveze ukuthi inja ibibhalwe usizi ebusweni ngesikhathi itholakala, kwatholakala nokuthi ibingenakho ukudla ebingakudla endlini.

OLUNYE UDABA: Umlisa ushaye unina ngemuva kokuba inja idle insangu

Isihlobo samufi sithe selokhu kwashona unkosikazi wakhe umufi, ubesehlala yedwa, base bemtholela inja ukuze izomchithisa isizungu.

Ngokusho kwabakwa-SPCA, inja kufanele ukuba ibulawe kulandelwa imiyalelo yabahlola izidumbu kanye namaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa, uCaptain Sergio Kock, uthe amaphoyisa aseKimberley avule idokodo ngokushona kwale ndoda, etholwe emzini wayo ngoLwesine ngezithuba zabo-18:00.

"Okwamanje kukholakala ukuthi le nja, ebihlala nomufi endlini, iqale ukudla isidumbu saleli khehlanngoba ingenakho ukudla . Isidumbu sikamufi sizohlolwa ukuze kuzotholakala imbangela yokushona kwakhe.

"Inja inikezwe abakwa-SPCA khona endaweni yesigameko. Uphenyo luyaqhubeka," kusho uKock.


 Diamond Fields Advertiser

News 24
«Emuva