Kuboshwe owesilisa otholakele nezidakamizwa ezingabiza u-R1.2m

2017-02-17 19:37

Johannesburg – Kuboshwe owesilisa emzini wakhe eGermiston, empumalanga yeGoli, otholakale nezidakamizwa ezingabiza u-R1.2m, kusho amaphoyisa kuMasipala waseKurhuleni (EMPD) ngoLwesihlanu.

Owesilisa uboshwe ngoLwesine ngemuva kokuba amalungu e-EMPD encinzwe indlebe emasontweni edlule, kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Wilfred Kgasago.

UKgasago uthe umsolwa oneminyaka engu-29 ubudala ubelokhu elandelwa nsuku zonke.

OLUNYE UDABA: Amasosha ashone ezama ukusiza abasebenzi eThekwini

"Amaphoyisa agasele endlini ekuBailleul Street endaweni yaseDelvill okungeyomuntu waseNigeria ngezithuba zabo-10:00 [ngoLwesine] nokuyilapho kutholakale khona izidakamizwa ezingabiza u-R1.2m," usho kanje.

Amaphoyisa athole amaphakethe angu-17 ezidakamizwa ze-Cat embhedeni wengane.

Kulindeleke avele eNkantolo yeMantshi yaseGermiston ngoLwesihlanu ngokutholakala.

News 24
«Emuva