Kuhlaselwe unogada kubanjwa inkunzi imoto yemali

2017-09-13 18:00

Johannesburg - Unogada wemoto yemali yakwa-G4S uhlaselwe ngamadoda ayisithupha ngesikhathi ephuma esitolo sakwaCashbuild eyongena emotweni, eMpumalanga.

Ngokusho kwemithombo emibili esondelene nophenyo, unogada ubanjwe inkunzi, waphucwa isibhamu nesamba semali esingadaluliwe ngoLwesibili, kubika iLowvelder.

Akekho olimalile kulesi sigameko sokuphanga.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe onogada ababili kubanjwa imoto yemali

Abasolwa babaleke ngemoto yohlobo lwe-Toyota Hilux emhlophe okukholakala ukuthi yake yasetshenziswa kubanjwa inkunzi enye imoto yemali, khona endaweni izolo.

Le moto yemali ebanjwe esigamekweni sokuqala bekungeyakwaFidelity kanti yona ibanjwe kuDwarsloop Road.

Imoto yohlobo lwe-Golf neyohlobo lweToyota Hilux emhlophe ebinabasolwa abangu-6 kuthiwa bazame ukuyibamba kodwa yakwazi ukugudluza imoto yohlobo lwe-Golf emgwaqeni yabe isigingqika.

Abasolwa babe sebeyiqhumisa babaleka endaweni yeisgameko nge-Toyota.


News24
«Emuva