Okusha ngesigameko sokuqhunyiswa kwebhomu eThekwini

2017-05-19 19:30

Durban - Sekuvele imininingwane emisha ngesigameko sokuqhunyiswa kwebhomu eThekwini.

Ngokubika kwephephandaba lomphakathi iBerea Mail kutholakale elinye ibhomu kulendawo esemgwaqeni uStephen Dlamini.

Ngokwemithombo yaleli phephandaba ithimba lamaphoyisa elisebenza ngamabhomi lisasebenza kule ndawo njengoba sisaqashwe ngawokhozi isimo.

OLUNYE UDABA:Kushone isiboshwa kwalimala ezinye kuqhuma ibhomu ejele

Abezimo eziphuthumayo, amaphoyisa omgwaqo kanye nabezicishamlilo nabo bakhona.

Kulesi sigameko kulimale amalungu amathathu omndeni ngesikhathi ethola iphasela elifike namadoda amabili.

“Lo mndeni obusemzini wawo ose-Essenwood, eThekwini  ngesikhathi uthola iphesela. Bobathathu abalimele baphuthunyiswe esibhedlela,”  kusho uCaptain Nqobile Gwala.

Scene of bomb explosion

News24
«Emuva