Sekushone esinye isisulu ngesigameko saseMbongolwane

2017-08-13 10:02

eThekwini -  Uphenyo lwabaseshi ngesigameko sokuqothwa kwamalungu omndeni wakwaNtshangase eMbongolwane lube yimpumelelo.

Kulokhu, amaphoyisa asebambe omunye umsolwa oneminyaka engu-54 ubudala.

Lo msolwa ozovela phambi kweMantshi yaseShowe mhlazingu-14 kwephezulu.

Isisulu esisodwa esasinda kulesi sigameko sishonele esibhedlela kanti abasolwa sebebhekene namacala amane okubulala nelilodwa lokuzama ukubulala.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe ababili abasolwa ngokubulala eKZN

Lawa malungu omndeni ayelele kurondo owodwa ngesikhathi ehlaselwa ngamadoda angaziwa.

Abasolwa bavulela ngenhlamvu, bashisa leli gumbi abebelele kulo. Abantu abathathu abaseminyakeni ephakathi kuka-30 no-50 bashonela endaweni yesigameko.

Amaphoyisa athi ayikavavi kahle imbangela yalesi sehlakalo kodwa babili abasolwa abaphekwa ngemibuzo ngalokhu.

News24
«Emuva