Sinyukile isibalo sabashone ezingozini ngePhasika

Ngu: Iavan Pijoos, News24 2017-04-21 12:32

Pretoria – UNgqongqoshe wezokuThutha, uJoe Maswanganyi, umemezele ngoLwesihlanu ukuthi bangu-235 abantu baseNingizimu Afrika abashone ngenxa yezingozi zomgwaqo ngesikhathi samaholidi ePhasika angonyaka ka-2017.

Uthi lokhu kunyuke ngo-51% uma kuqhathaniswa nesibalo sangonyaka odlule lapho okwashona khona abantu abangu-156 ngale nkathi yonyaka.

UMaswanganyi umemezele izibalo zesikhashana emahhovisi ekomkhulu le-GCIS ePitoli.

OLUNYE UDABA: Kushone abayisihlanu kugingqika itekisi

Ube esecela bonke abebehambele isithangami ukuthi basukume ukuze kube nemizuzwana yokuthula ngenhloso yokuhlonipha labo abalahlekelwe ngabathandiweyo babo ngalesi sikhathi sePhasika.

Izinkulungwane ngezinkulungwane zabantu baseNingizimu Afrika bebeye ezinkonzweni ezahlukene zePhasika kanye nasemaholidini.

Kodwa-ke lesi sikhathi sivamise ukugubuzelwa yisibalo esiphezulu sokufa kwabantu ezingozini zezimoto.

News 24
«Emuva