'Ukwenyka kwe-VAT kuzobahlomulisa abantu bakuleli esikhathini esizayo'

2018-04-03 07:31

Johannesburg – Njengoba amakhasimende enxenxwa ukuba azame ukonga imali kulandela ukwenyuka kwentela eyengeziwe (VAT), iSouth African Revenue Service (Sars) ithi ukwenyuswa kwayo kuzobahlomulisa kakhulu abantu baseNingizimu Afrika esikhathini esizayo.

Le ntela yenyuke ngo-1% ngo-Ephreli 1, nobekungokokuqala eminyakeni engu-25.

Ukwenyuka kwayo kuzokwenza amakhasimende alimale kakhulu ephaketheni njengoba ezinye zezimpahla sezizobiza ngaphezu kuka-8% kunangesikhathi esedlulile.

OLUNYE UDABA: Uzokwenyka ngo-72cent uphethiloli

Ngokusho kweNational Agricultural Marketing Council, ubhasikidi wezinto ezingu-28 ezingukudla okubalulekile usuzobiza ngaphezu kuka-R800. Izinto ezingu-12 kulezo ziyabanjelwa intela.

Ngeledlule, uNgqongqoshe weziMali uNhlanhla Nene uyalele ukuba kubuyekezwe uhlu lwezinto okumele zingakhokhelwa le ntela.

EWN
«Emuva