UManyi wenza isimemezelo ngabanikazi be-ANN7 kanye ne-The New Age

2017-08-30 11:01

Johannesburg - UMzwanele Manyi ubambe isithangami sabezindaba ezindlini zokusakaza ze-ANN7 mayelana nokuthi obani abanikazi bamasheya enkampanini yakhe, esanda kuthenga isiteshi sikamabonakude, i-ANN7 kanye nephephandaba, iThe New Age  enkampanini yomndeni wakwaGupta, i-Oakbay.

Ukuthengwa kwale mithombo yezindaba kwabakwaGupta yiLodidox kaManyi ngo-R450m kwasusa omkhulu umsindo kuleli  ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana njengoba abanye bagxeka lesi sivumelwano ngesikathi abanye beshaya amakhala ngokuthi uManyi angalikhona kanjani inani lokuthenga lesi zinkampani zezindaba yize noma kwaba isimuvelwano sokubolekwa imali yiwona umndeni wakwaGupta.

OLUNYE UDABA: AbakwaGupta sebedayise isiteshi i-ANN7 kanye nephephandaba i-The New Age

Lokhu kusho ukuthi uManyi ukweleta abakwaGupta imali athenga ngayo kanti futhi usevumile ukuthi uzobakhokhela kancane kancane kuze kuphele iminyaka eyisikhombisa.

Kuphinde kube nemibiko yokuthi abasebenzi be-ANN7 kanye ne-The New Age sebebuyelwe yithemba kulandela ukuvela kwezindaba zokuthi uManyi usezothatha izintambo. 

Fin24
«Emuva