Ababedlala kuBafana bazothungatha umqeqeshi omusha

2017-02-17 12:31

Cape Town – Izinkakha zeqembu lesizwe, iBafana Bafana, uLucas Radebe kanye noBenni McCarthy bayingxenye yekomiti elizosiza iSouth African Football Association (SAFA) ekuqokeni umqeqeshi omusha.

Phakathi kwabanye abayingxenye yaleli komiti kubalwa, uFarouk Khan, uButi Mathathe, u-Anna Nyman, uNeil Tovey kanye noSihlalo weTechnical Committee, uNatasha Tsichlas, nokuyibona abazokwenza uhlu olufinyeziwe bese bebheka ukuthi ubani ofanelwe wumsebenzi kakhulu kunabo bonke abafake izicelo.

Ngokwe-website yeSAFA, uMengameli walo soseshini, i-CEO kanye noSekela Mengameli, nabo bazohlala kuleli komiti ukuze babheke ukuthi uhlelo luhamba kanjani.

OLUNYE UDABA:Owaduba umsebenzi wePirates usazimisele ngokuqeqesha iBafana

URadebe wayengukaputeni weBafana Bafana kanti wake wagijima nakuLeeds United, nokwakuyiqembu elaliqinile ku-English Premiership.

Ngakolunye uhlangothi, uMcCarthy kusenguyena umgadli ohamba phambili ngokushaya amagoli kuBafana kanti usanda kuphothula nezincwadi zokuqeqesha, i-UEFA Pro A Coaching Licence.

IBafana ibilokhu ingenaye umqeqeshi kusukela kwaxoshwa owayengumqeqeshi, uShakes Mashaba, ngoDisemba kunyaka ka-2016.

NgoLwesine, iSAFA idalule kuTwitter amagama abanye babantu abafake izicelo zomsebenzi weBafana – kanti akukho noyedwa owalapha emzansi kubona.

Phakathi kwamanye amagama aqaphelekile, kubalwa elomqeqeshi ongowokudabuka eBelgium, uHugo Broos, nokunguyena obeqeqesha iCameroon njengoba ithuse abaningi ithatha isicoco se-Africa Cup of Nations kule nyanga.

Omunye oqaphelekile umqeqeshi ongowokudabuka ezweni i-Italy, uRoberto Mancini, noke waqeqesha iManchester City, egijima ku-English Premiership.

Abanye babaqeqeshi abagqamile yilaba:

Roberto Mancini, Giovanni Trapattoni, Hassan Shihata, Hugo Brooks, Samson Siasia, Lothar Mattheus, Bernd Schuster.

Leli yikomiti elizokhetha umqeqeshi omusha:

Benni McCarthy, Lucas Radebe, Farouk Khan, Clive Barker, Buti Mathathe, Neil Tovey, Natasha Tsichlas, Elvis Shishana, Dennis Mumble, Danny Jordaan.

News 24
«Emuva