I-SAFA ithi ngeke isiphikise isinqumo sokuphindwa komdlalo

2017-09-12 12:29

Johannesburg - I-SAFA isisamukele isinqumo se-FIFA sokuba iBafana Bafana kumele iwuphinde umdlalo wayo neSenegal wokuhlungela imidlalo yeNdebe yoMhlaba yango-2018.

IBafana yanqoba lo mdlalo ngo-2-1 ePolokwane nyakenye, kodwa i-FIFA yabe isiyalela ukuba udlalwe kabusha ngoNovemba ngemuva kokuba iCourt of Arbitration for Sport (CAS) isigcinile isinqumo sokuba axoshwe unompempe uJoseph Lamptey ngesinqumo sakhe esabanomthelela onemuhle kulo mdlalo.

I-SAFA  ibicabanga ukusiphikisa lesi sinqumo kodwa yabuye yangakwenza lokho.

OLUNYE UDABA: UManyisa uchaza ngesinqumo esimenze washiya iPirates

"Kuyaziwa ukuthi simikuphi ngodaba kokudayiswa kwemidlalo. Ngeke savuma ukuhlomula ngalokho, sithole amaphuzu,” kusho umengameli we-SAFA uDanny Jordaan esithangamini sabezindaba ngoLwesibili ekuseni.

INingizimu Afrika ilele emsileni ku-Group D ngephuzu elilodwa emidlalweni emithathu – ilandela iSenegal ngamaphuzu amane, bese kuba yiCape Verde Islands neBurkina Faso ngamahlanu.

Abafana baStuart Baxter emdlalweni olandelayo bazobhekana neBurkinabe ngo-Okthoba 7.

News24
«Emuva