IPirates isisayine uswahla lomgadli obegaqelwe yiSundowns

2017-07-14 12:33

Johannesburg – I-Orlando Pirates isiqinise iqembu layo phambili ngokusayina umgadli waseNigeria, uChristian Obiozor.

Lolu swahla lomgadli oneminyaka engu-22 ubudala beluyamaniswa neMamelodi Sundowns ngaphambilini kulo nyaka, kanti lufika nje beludlalela iqembu laseNigeria, i-Enyimba.

OLUNYE UDABA: IPirates iqinisekise ukuthi isisayine obedlalela iSundowns

Phezu kweminyaka yakhe, lo mdlali useke wadlala nasemidlalweni yamazwe njengoba eseke wadlalela iSuper Eagles emidlalweni ye-African Nations Championship ngo-2014. 

Wavalela phakathi igoli ngemizuzu yokugcina ngesikhathi iNigeria itholene phezulu neZimbabwe emidlalweni eyayidlalwa eNingizimu Afrika nalapho okwakubangwa khona indawo yesithathu, nokuwumdlalo owagcina unqotshwe yiyo iNigeria. 

News 24
«Emuva