Ishaywe ngoswazi oluncane iKaizer Chiefs eThekwini

2017-08-13 11:04

Durban -  IKaizer Chiefs isikhishiwe kowe-MTN8 ngemuva kokushaywa yi-SuperSport United enkundleni yaseMoses Mabhida.

ISuperSport ivulele ngesibhaxu ngomzuzu wesithupha ngemuva kokuthi uBradley Grobler aphakele kuJeremy Brockie, ibhola elihle kakhulu.

Amakhosi azame ancama ukubuyisa amathemba kubalendeli uSiphiwe Tshabalala ethi uzama ukubhala ebhodini ngemizuzu-22 kodwa wahluleka.

OLUNYE UDABA:Useqalile ukuzilolonga ne-Kaizer Chiefs owayegijima kuChicken Inn FC

Uthe uyazama noBernard Parker kwasho khona ukuthi uRonwen Williams uvivile, akukho okuzongcolisa amashidi amhlophe e-SSU.

UBhongolwethu Jayiya uthole ithuba lokudlala okokuqala selokhu ajoyina amaKhosi yize engene ngemizuzu yokugcina (82) kwasho khona ukuthi isikhathi manathemba yinto engasekho.

Abafana baka-Eric Tinkler babambelele kulo-1 bathi ngeke baphazanyiswe wumuntu uma kungasavumi ukuba bashaye elinye inqaku, kubika iSoccer Laduma.


 





News24
«Emuva