IZITHOMBE: I-Orlando Pirates isiyethule amajezi amasha

2017-07-17 12:35

Johannesburg – Izinkunzi zaseSoweto, i-Orlando Pirates, sezigcine ziwethulile ngokusemthethweni amajezi azo amasha esizini entsha ka-2017-18.

Kuzokhumbuleka ukuthi izimbangi zayo ezinkulu, iKaizer Chiefs kanye neMamelodi Sundowns, nazo bezisanda kwethula amajezi azo amasha ngaphambi kokuqala kwale sizini ebhekwe ngabomvu.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: ISundowns yethule ijezi lokuhamba nelasekhaya

AmaBrazilians asevele aseqalile ukudlala ngejezi lawo elisha njengoba ayedlubhe lona ngesikhathi ebhekene ne-AS Vista emdlalweni weCAF Championship ngomhlaka-7 kuJulayi 2017.

Zibonele leli jezi elisha laMabhakabhaka ngezansi.

News 24
«Emuva