UKomphela uvuma ingcindezi embangweni weligi

2017-03-20 09:31

Johannesburg - Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uSteve Komphela, uyavuma ukuthi umbango wesicoco seligi kule sizini usuthanda ukuba nzima kakhulu.

AmaGlamour Boys abambane ngo-2-2 neBaroka FC emdlalweni we-Absa Premiership ngoMgqibelo ebusuku, nokushiye lezi zinkunzi zaseSoweto zilele endaweni yesine kwiligi, zilandela ngamaphuzu amathathu iCape Town City esesicongweni.

Manje njengoba iqembu lakhe selisalelwe yimidlalo engu-9, uKomphela uyayazi ingcindezi ababhekene nayo.

OLUNYE UDABA: Unethemba lokuvika izembe ngemuva kokubamba iChiefs

“Lesi siyikhathi esimzima kwiligi futhi wonke amaphuzu abalulekile,” ucashunwe esho kanje kwi-website yeqembu.

“Sisazoqhubeka nokungaxhamazeli. Iligi kusekude ifinyelele esiphethweni. Ngeke siliphonse manje ithawula.”

IChiefs emdlalweni wayo olandelayo izobhekana neMamelodi Sundowns emdlalweni okulindeleke ubemnandi kakhulu ngoMgqibelo mhlaka 1 Ephreli, ngemuva kwemidlalo yamaqembu esizwe. News 24
«Emuva