Unethemba lokuvika izembe ngemuva kokubamba iChiefs

2017-03-19 11:01

Johannesurg - Umqeqeshi weBaroka FC, uMilton Dlamini, uthi unethemba lokuthi iqembu lakhe lizokwazi ukuvika izembe ngemuva kokudlala kahle libhekene neKaizer Chiefs.

IBaroka isalele emsileni weligi ngemuva kokubamba ngo-2-2 ibhekene neChiefs emdlalweni we-Absa premiership.

IBaroka yenze konke okusemandleni ukuba ingehlulwa kulo mdlalo obusePeter Mokaba stadium ePolokwane ngoMgqibelo ebusuku, njengoba ike yalandela emuva kwaze kwakabili.

IBaroka isinamaphuzu angu-15 emidlalweni engu-21. Ayikaze iwine nowodwa umdlalo weligi kulo nyaka.

UDlamini uthi abakhathazekile ngoba wonke amaqembu alwela ukuvika izembe asazodlala nabo ePeter Mokaba.

News 24
«Emuva