I-IEC isimemezele usuku lokhetho lokuchibiyela

Ngu: Lizeka Tandwa, News24 2016-09-14 16:03

Johannesburg – Ukhetho lokuchibiyela lohulumeni basekhaya luzobanjwa ngomhlaka-9 Novemba kuzwelonke, kusho isimemezelo se-IEC ngesitatimende.

Lolu khetho luzongenelwa amawadi angu-15, ezifundeni ezingu-80 ezinabantu abangu-93 145 ababhalisele ukuvota, kusho le nhlangano.

"Ngokomyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo eyakhipha isinqumo ngomhlaka-14 Juni, ikhomishana yokhetho kumele ikhiphe uhlu lokhetho olunamagama ahambisana namakheli.”

OLUNYE UDABA: I-IEC ikhathazekile ngokungase kwenzeke eKZN ngesonto elizayo

I-IEC icele abavoti ukuba baqinisekise ukuthi akhona amakheli abo kuleli sonto elizayo.

“Zonke izikhungo zokuvota kumawadi athintekayo zizovulwa ngomhlaka-17 no-18 Septhemba phakathi kuka-08:00 no-17:00 ukuze abavoti bakwazi ukulungisa nokuqinisekisa imininingwane yabo.”

Abavoti bangakwazi ukushayala amahhovisi e-IEC balungise imininingwane yabo.

Labo abavota ngokukhethekile bazovotiswa ngomhlaka-8 Novemba.

News 24
«Emuva