Iqukulwe amaphoyisa omgwaqo indoda ebidakwe kakhulu

2017-02-14 09:31

eKapa - Kudingeke ukuba amaphoyisa omgwaqo aqukule umshayeli wemoto obedakwe engakwazi ngisho nokuphakamisa ikhanda.

Lokhu kwenzeke eKapa kanti kuthiwa umshayeli wale moto utholakale nebhodlela likagologo osuphelile.

OLUNYE UDABA:'Wayebukela umama amadoda ezitika ngengane'

Amaphoyisa omgwaqo azithele phezu kwalo mlisa ngesikhathi eqaphe isimo salabo abajahana ngezimoto ngokungekho emthethweni.

Amaphoyisa omgwaqo athole lomshayeli elele nebhodlela likagologo elingenalutho. Le ndoda iqukulwe amaphoyisa amathathu eyikhipha emotweni.

Ngesikhathi kuhlolwa imoto kutholakale elinye ibhodlela likagologo esihlalweni esingemuva nalo lingenalutho, kubika iCitizen.

News24
«Emuva