Nali isoka elikhulelise intokazi elingisa kuRhythm City

2017-12-07 12:31

eThekwini - Isibutubutwana sentokazi elingisa emdlalweni oyintandokazi iRhythm City  ikhulelwe kanti futhi izinyanga sezihambile impela.

Le ntokazi yakhipha izithombe zayo enkundleni yezokuxhumana u-Instagram lapho ebonakala khona enqunu kodwa ehlobe kahle ngokobuciko, ememezela ukuthi uzithwele.

Abantu abaningi bebezibuza ukuthi ngabe ngubani ubaba wengane njengoba le ntokazi ingavamile ukushutha nabesilisa.

OLUNYE UDABA: Lichashwa ngezinhlamba isoka lamanyala

USello Nhlapho osebenza njengomkhangisi wengqephu kubikwa ukuthi nguye okhulelise le ntokazi.

Kuthiwa lo mlisa usenesikhathi ethandana nale ntokazi njengoba zike zaputshuka izithombe zabo beseholidini lezithandani ngonyaka odlule kodwa babuye bazisusa ezinkundleni zokuxhumana.

UNhlapho akanawo amahloni okuveza izithombe zakhe nesithandwa senhliziyo yakhe, kanti indaba yothando lwabo ibonakala ngezingxoxo ezivela ezinkundleni zokuxhumana.

a personification of God's love in human form. Life: The most precious gift. You look absolutely beautiful Samu. Gratitude isn't even enough.

A post shared by Sello C-jay Nhlapo (@sellonhlapo) on

Crushing on this beauty ?? #wce?????????? #wceveryday . . . . . @samkelondlovu

A post shared by Sello C-jay Nhlapo (@sellonhlapo) on

Daily Sun
«Emuva