Umrepha udalule ukuthi usehlukene nomethuli wezinhlelo ku-TV

2017-02-17 19:38

Johannesburg - Kubikwa ukuthi umrepha, u-AKA nomethuli wezinhlelo kumabonakude, uBonanga Matheba sebehlukene.

Lo mbiko wokuhlukana kwale khaphuli ethandwa kakhulu eNingizimu Afrika uzwakale ezinkundleni zokuhumana iTwitter, ngoLwesihlanu ntambama.

U-AKA ogama lakhe lokuzalwa nguKiernan Jarryd Forbes, wazise abalandeli bakhe ngokuhlukana kwakhe noQueen B kuTwitter.

OLUNYE UDABA: Luvutha amalangabi kosaziwayo intombi ivakashele umndeni wesoka

Emasontweni ambalwa lezi zithandani bezikhiphelane eKapa, zibonakale ezithombeni ezifakwe enkundleni yezokuxhumana i-Instagram, zijabulile.

Lokhu akusikho okokuqala lezi zithandani zikwebhana, njengoba ngaphambilini zake zamemezela ukuthi zihlukene kodwa zabuye zabuyelana.

UBonang ubengakasho lutho ngokuhlukana kwakhe nesoka lakhe.

Twitter:

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

News 24
«Emuva