IZITHOMBE: Iziboshwa zivalelisa kumngani wazo uChillies

2017-09-10 11:29

Durban -  Kume yonke into, amaphoyisa bekuyiwona abehola ukuhamba kwebhokisi emgwaqeni amanye eqinisekisa ezokuphepha njengoba bekungcwatshwa inkunzi yemigulukudu uSanele Chillies Bhengu.

Kulo mngcwabo kuboshwe abasolwa ababili abebezenza amaphoyisa kanye nesosha.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbhele uthe laba babanjwe emathuneni aseWentworth lapho kubekwe khona uBhengu ekhaya lakhe lokugcina.

Oyedwa walaba basolwa ubezenza iphoyisa lomgwaqo kanti omunye ubegqoke umfaniswano wamaphoyisa asebenza emikhunjini.

OLUNYE UDABA:BUKA: Amaphoyisa ahlome ayizingovolo emngcwabeni kaChillies

Laba basolwa bazovela enkantolo kaMantshi yaseMlazi ngoMsombuluko.

Bekugcwele mfi emngcwabeni kaChillies, kukhona nezindiza ezinophephela emhlani zamaphoyisa eqaphe ubugebengu obungahle benzeke kule ndawo.

Abanye abangani bakamufi abayiziboshwa, nabo bathe ngeke basale ngaphandle.

Lezi ziboshwa zithathe ithuba elihle lokuthi ndlela-nhle kulo mlisa okuthiwa nguyena obekangungqondongqondo wobugebengu eMlazi.


News24
«Emuva