UMBONO: ‘Akanayo nhlobo inhlonipho odwebe uZuma noMandela kwesocansi’

2017-04-21 11:00

Durban – Usesuse omkhulu umsindo ezinkundleni zokuxhumana umdebi wakuleli osephinde wadweba omunye umdwebo kaMengameli Jacob Zuma esenzweni socansi nowayenguMengameli wakuleli, uNelson Mandela.

Iningi labafundi beZindaba24 libhodla umlilo enkundleni yezokuxhumana, uFacebook, nalapho lichaza khona lo mdwebo njengesenzo samanyala kanye nokungahloniphi.

OLUNYE UDABA: BUKA: Kukhuzwa amanyala ngomdwebo omusha ongoMengameli Zuma noMandela

Kodwa-ke abanye babafundi babuza ukuthi kungani kubonakale sengathi sekuzwela kakhulu uma ngabe sekudwetshwe noMandela ekubeni uZuma kade bamqala bemdweba emidwebeni yalolu hlobo.

Zifundele eminye yemibono ehlukene yabafundi beZindaba24 ngalolu daba olususe umsindo:

PC Maphilly - Lo ubuswa ubusathane nje qha namanyala, nokungasi ekhanda. Ibhaybheli lithi hlonipha uyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zande ezwen. Mina angibuki sona isthombe ngibuka umdwebi waso ongenangqondo tu.

Bongani Duze - Sekukhuzwa amanyala ngoba kunoMandela phakathi . Kudala amqala uZuma lo mfana . Kwathiwa inkululeko yakhe akadwebe ,mumva nje uZapiro naye udwebile bona abezindaba bathalalisa. Nina bezindaba nisikhombiselani uma kungamanyala? Nichazwa ukubona abantu abamnyama bedicilelana phansi?

Sethabile Simphiwe MkhwanaziAngiyena umlandeli omkhulu kaZuma kodwa lokhu ukungahloniphi bafowethu. Badala la bantu Nkosi yami. Ake sihloniphe bakithi. Udweba kanjani nje into enje, ehlambalaza abantu abadala?

Nkosikhona Mlozini - Ingabe yini umehluko phakathi kuka Zuma noMandela. Laba baholi babeke iziqu zabo phambili nabangane babo bakwamanye amazwe. Umdwebi wenza umsebenzi omuhle. Sakhohliswa kwenela ngalo Mandela owaphisa ngelizwe kwabamhlophe phambi kwethu.

Nduduzo Mabaso Mntungwa - Inekhono le ngwenya ...naye uZuma ulala isthunzi sikaMadiba ngalento ayenzayo.

Mhlonishwa Miya - Ngicela ukubuza nje bandla ayi kabi. Amalungelo omdwebi kanti ahamba agcine kuphi?

Mncume Geje ShabalalaLo mfana uyadelela suka! Noma kungathiwa uthumela umyalezo kodwa ayi ngamanyala anje.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

News 24
«Emuva