UMBONO: Sisitshengisa esinye isithombe isenzo sikaMiss SA

2017-07-06 14:00

Durban – UMiss South Africa uDemi-Leigh Nel-Peters uthole ukugxekwa ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukusabalala kwesithombe sakhe efake amagilavu ekade eyokwenza umsebenzi wesihle eSoweto.

UNel-Peters ubuye wabonakala esawagqokile la magilavu ngisho esekhuluma noma esethatha izithombe nezingane.

Eziphendulela lo zime, uthe amagilavu ubewagqoke ngoba enzela inhlanzeko, kwazise ubenikezela ngokudla ezinganeni. Uthe abantu abangayithathi ngesinxele le ndaba.

Abafundi beZindaba24 baphawule kanje ngalesi sithombe:

Manqoba Nqops Ugqoke amagilavu ngoba kwasekuqaleni ukuthi uya ezinganeni zabantu abamnyama ezihlwempu. Kungenzeka ukuthi ubecabanga ukuthi zingcolile noya ziyagula ngakho zizomthelela.Thina bantu abamnyama abelungu basibukela phansi, ngoba ngisho umlungu enza umsebenzi ocishe ufane nowomuntu omnyama yena uhola kakhulu.

Hlengiwe Thabile Ngwane Kumina lokhu kubukeka njengamagilavu e-rubber. Ngicabanga ukuthi ubenza umsebenzi womphakathi njengokulekelela ekuhlanzeni indawo wase eyawafaka. Uthathe isithombe ewagqokile ngiyacabanga ngaphambi kokuba enze umsebenzi.

Mbunquka Luyanda Bese wena muntu omnyama uvotele abelungu kodwa ube ubona ukuthi bayaninyanya abafuni ngisho ukunithinta ngezandla.

Bonginkosi Ntshingila Le nto iyazisho ayifuni ukucaciswa. Uyazicwasa lezi zingane futhi ubengafuni ukuba kule ndawo uphoqwe yisimo.

Angikaze ngimbone uthisha wasenkulisa ewaqokile ngoba kuzomele adlale nabo noma afunze abangakwazi ukuzidlela.

Thola ezinye izimpendulo lapha.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


News 24
«Emuva