Amaphoyisa athungatha abasolwa abebe izibhamu ezingu-14

2017-11-22 19:30

Limpopo - Amaphoyisa aseLimpopo athungatha abasolwa abathathu abebe izibhamu ezingu14 endaweni yokungcebeleka iVilla Nora ngaphandle kwaseLephalale ngoMsombuluko ekuseni.

Ngokusho kwamaphoyisa kwebiwe ama-rifle okuzingela angu-12 kanye nama-hand gun amabili nenqwaba yezinhlamvu.

Okhulumela amaphoyisa eLimpopo uBrigadier Motlafela Mojafela Mojapelo uthe abasolwa bangene kulo muzi ngewindi.

OLUNYE UDABA:Kutholakale izibhamu emzini ongahlali muntu

UMojapelo uthe amaphoyisa aphenya nomnikazi wale ndawo ngobudedengu bakhe.

"Amanye amacala esisawacubungula yilawo azobekwa umnikazi wendawo ngobudedengu bakhe bokwephula umthetho wokugcina izibhamu endaweni evikelekile," kusho yena.

Uthi abanikazi bezibhamu banegunya lokuqinisekisa ukuthi zihlala endaweni ephephile.

Uma kukhona abanolwazi ngalezi zigebengu, bangaxhumana namaphoyisa ngokushesha.

News24
«Emuva