Amaqembu aphikisayo afuna kuhlakazwe iPhalamende, kuyiwe okhethweni

2018-02-12 18:05

Cape Town – Amaqembu aphikisayo ngoMsombuluko avumelene ngokuthi iPhalamende kuzomele lihlakazwe ngemuva kwesiphakamiso sokungethenjwa kobuholi bukaMengameli Jacob Zuma.

Ngemuva komhlangano wamaqembu aphikisayo ePhalamende ngoMsombuluko, umholi we-DA uMmusi Maimane uthe bathathe isinqumo sokuba ukudingidwa kwesiphakamiso ngoMengameli Zuma, okwamanje okuhlelwe ukuba sibe ngoFebhuwari 22, kumele kulalelwe kuleli sonto.

Ngemva kwalokho, kuzomele kufakwe isiphakamiso sokuhlakazwa kwePhalamende, okuzothi uma siphumelela, kubanjwe ukhetho ngaphambi kwesikhathi esifanele.

OLUNYE UDABA: Kuyaphela ngoZuma namhlanje, kusho amanye amalungu e-NEC

Uthe iNkantolo yoMthethosisekelo yakhipha isinqumo sokuthi iPhalamende lehlulekile ukwenza umsebenzi walo izikhawu ezimbili.

UMaimane uphinde wathi abafuni ukuba yingxenye yombango okhona kwi-ANC, yingakho befuna isiqalo esisha.

Umholi we-EFF uJulius Malema uthi bona bazobabela enkantolo ngokushesha uma uSomlomo wePhalamende uBaleka Mbete kushaya u-10 ekuseni ngoLwesibili engakaphenduli ngesicelo sabo. News24
«Emuva