Balinganiselwa ku-20 abafundi abashone engozini yomgwaqo

Ngu: Nonkululeko Nhlapo 2017-04-21 16:02

Durban - UNgqongqoshe wezemfundo eGoli uphuthume endaweni yesigameko lapho kushone cishe abafundi abangu-20 engozini yetekisi.

Le ngozi ibandakanya itekisi kanye neloli kumgwaqo iGrobledal, ngaseBronkhostspruit, phandle kwasePitoli.

Kushishwa abafundi abayisikhombisa etekisini ngesikhathi isha, kodwa ngeshwa abanye abasindanga.

Kushone abafundi abangu-18 nabantu ababili abadala.

Umshayeli wetekisi ungomunye wabantu abashonile kule ngozi, ngoba itekisi livele lasha kulandelela le ngozi.

OLUNYE UDABA:Kudaleke ingozi owesilisa ebamba umshayeli wetekisi ngobhongwane

Abazibonele ngawabo bathi umshayeli wetekisi ubezama ukusika iloli kanti seliseduze.

Amaphoyisa kanye nabezimo eziphuthumayo bakhona kule ndawo kanti okwamanje akukacaci kahle ukuthi leli tekisi ibilayishe abafundi bakusiphi isikole nokuthi bebelibangisephi.

News24
«Emuva