Bangeniswe esibhedlela abatinyelwe yizinyosi begunda utshani

2018-02-13 15:59

Durban - Kwelashwa abantu abahlanu esibhedlela ngemuva kokutinyelwa yizinyosi esikoleni eMaidstone eduzane nasoThongathi ogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal.

La bantu bebegunda utshani esikoleni ngesikhathi bephazamisa izinyosi namuhla ekuseni zase ziyabatinyela.

Abosizo lokuqala bathe bonke abalashwayo batinyelwe yizinyosi.

OLUNYE UDABA:Izinyosi zitinyele izaguga ekhaya labadala eThekwini

UPaul Herbst we-IPSS Medical Rescue, uthe abantu ababili basesimeni esibucayi.

"Inqwaba yabasebenzi itinyelwe yizinyosi. Abantu ababili basesimeni esibucayi ngenxa ye-anaphylaxis," esho.

UHerbst uthe akekho omunye olimalile kulesi sigameko ngaphandle kwabasebenzi.


 - Newswatch

News24
«Emuva