BUKA: Ababhikishi bahlasele izitolo zakwa-H&M

2018-01-13 13:03

eGoli - Iqulu labantu abebebhikisha begqoke imifaniswano ye-EFF bahlasele izitolo zakwaH&M.

Laba babhikishi baqonde kulezi zitolo ezinxanxatheleni eziseSandton, Menlyn Park nase-East Rand ngoMgqibelo ekuseni.

Laba bafike basaphaza konke okuphakathi kulezi zitolo, bekhala ngokuthi lesi sitolo sicwasa abantu abansundu.

OLUNYE UDABA:Sisobishini isitolo sakwa-H&M

Lesi sitolo sezimpahla zokugqoka zabesilisa, abesifazane nezingane, iH&M kubikwa ukuthi ngeke isayidayisa impahla yayo enokucwasa, kuleli.

Isikhangiso esisabalale kwi-internet esitshengisa ingane yomuntu omnyama igqoke isikibha esinombhalo ofundeka kanje "Coolest Monkey in the Jungle" yikho okususe lo msindo.

Lesi sikhangiso sibonakala sengathi sivela emahhovisini esitolo esise-Europe, njengoba imali yesikibha ibhalwe ngoPondo.

Sekube nezicelo zokuba kudutshwe le nkampani.

News24
«Emuva