#GPSchoolAdmissions: Ngehora elilodwa kubhaliswe abafundi abangaphezu kuka-45 000

2018-04-16 14:04

Pretoria - Kuqedwe ngehora lokuqala ukubhalisa abafundi abangu-45 239 bakaGrade 1 noGrade 8 ngohlelo lwe-internet eGoli.

Bonke la bafundi babhalisela ukuqala ukufunda ngonyaka ozayo (2019).

UNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng uPanyaza Lesufi ngoMsombuluko uthe ukubhalisa ngalolu hlelo kuzophinde kusize ekuhlonzeni izikole ezidinga ukushintsha ulimi.

OLUNYE UDABA:Luyaqala uhlelo lokubhalisela ukufunda eGauteng

"Ngisho noma ngabe awunayo imali, ingane yakho izongena esikoleni ofuna ifunde kuso," esho.

Uqhube ngokuthi uMnyango uphinde ube nesiteshi esitholakala ku-YouTube  esisiza abazali ukuba bakwazi ukubhalisa ngohlelo lwe-internet.

Ukubhalisa kuzoqhubeka kuze kushaye umhlaka-28 Meyi.

 - Twitter:

 - YouTube:

 - ANA


News24
«Emuva