'I-ANC eKZN ayikwazi ukuphikisa isinqumo senkantolo ingahlanganile ne-ANC NEC'

2017-09-13 12:31

Durban - I-ANC KwaZulu-Natal ngeke isiphikise isinqumo senkantolo senkantolo ingakakhulumi nekomidi eliphezulu le-ANC kuzwelonke.

NgoLwesibili iNkantolo eNkulu eMgungqundlovu inqume ukuyichitha imiphumela yengqungquthela ye-ANC eKZN yangoNovemba 2015.

Ubuholi besifundazwe bubambe umhlangano ophuthumayo ebusuku eMoses Mabhida Stadium ngoLwesibili, baphuna nesinqumo sokuba usiphikise isinqumo senkantolo.

Kodwa unobhala jikelele we-ANC uGwede Mantashe uthi lesi sinqumo sifana nesingasholutho okwamanje kuze kube ikomidi eliphezulu kuzwelonke libamba umhlangana nelesifundazwe ngasekupheleni kwesonto.

“Ngemuva kokuthola isinqumo [senkantolo],  [ubuholi be-ANC eKZN] bubambe umhlangano ngokushesha babona kungcono ukusiphikisa isinqumo,” kusho uMantashe.

OLUNYE UDABA: I-ANC eKZN izosiphikisa isinqumo senkantolo 

“Lesi kuzoba yisinqumo kuphela uma i-NEC isihlanganile nabo ukuzwa umbono wabo. Kuzohlanganwa ngoLwesine noma ngoLwesihlanu, sisahlela. Ngesonto elizayo singase sibize nomhlangano oyisipesheli we-NEC, ngoba izinsuku ezingu-15 zokufaka isicelo sokuphikisa isinqumo zincane,” esho.

Unobhala we-ANC esifundazweni uSuper Zuma uthe: “Ngeke ngakhuluma ngalolu daba okwamanje size sikhiphe isitatimende ngalolu daba.”

Uthe kodwa emhlanganweni ababenawo bayikhulumile indaba yesinqumo senkantolo.

Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal uMdumiseni Ntuli ukuqinisekisile ukuthi bazosiphikisa isinqumo senkantolo.

- Sowetan Live

News24
«Emuva