I-DA inqumele uMbete ugwayi katiki

2017-07-17 14:00

Cape Town – IDemocratic Alliance ifuna lingapheli isonto uSomlomo uBaleka Mbete engasithathile isinqumo mayelana nendlela okuzovotwa ngayo esiphakamisweni sokungethenjwa kobuholi bukaMengameli Jacob Zuma.

"Sikholelwa ukuthi asikho isizathu esingavimbela uSomlomo ukuthi ehluleke ukucabanga bese esitshela isinqumo sakhe lingakashoni elangoLwesihlanu, 21 Julayi, kunokuba alinde kuze kusondele usuku lokuvota,” kusho uSotswebhu we-DA uJohn Steenhuisen ngoMsombuluko.

NgeSonto, iPhalamende esitatimendeni lithe uMbete isinqumo uzosithatha ngaphambi komhlaka-8 Agasti.

OLUNYE UDABA: Kugcine kumenele umshayeli owashiswa nemoto

INkantolo yoMthethosisekelo ngoJuni 22 yathi uMbete unamandla okuthatha isinqumo mayelana nokuthi kuvotwe ngokuyimfihlo yini esiphakamisweni sokungethenjwa kobuholi bukaZuma.

Esitatimendeni sangeSonto, iPhalamende lithe wonke amaqembu asemazisile uMbete ukuthi afuna kuvotwe ngayiphi indlela.

"I-African National Congress neDemocratic Alliance bazwakalise ukuthi bazosihlonipha isinqumo sikaSomlomo,” kufundeka isitatimende.

News 24
«Emuva