Inkosi yabaThembu idumele ngokungaphakanyiswa kwegama likaSisulu e-E Cape

2017-12-07 16:00

East London – INkosi yabaThembu, uBuyelekhaya Dalindyebo, esasejele okwamanje, izwakalise ukushaqeka ngokwehluleka kwe-ANC e-Eastern Cape ukuphakamisa igama lowesifazane ozoba yiphini likaCyril Ramaphosa uma ekhethwa kwesokuba umengameli.

Encwadini ayibhalele abezindaba, okhulumela uDalindyebo iNkosana uMthunzi Ngonyama, uthe uDalindyebo ubelindele ukuba uLindiwe Sisulu aphakanyiselwe kwesokuba yiphini likaRamaphosa, kwazise lesi sifundazweni siyikhaya lakhe.

Uthi kummangazile ukuba kuphakanyiswe abesilisa ababili, uZweli Mkhize noDavid Mabuza.

UNgonyama uthe abantu base-Eastern Cape bebengathanda ukubona owesifazane wase-Eastern Cape onamava njengoSisulu engena eHhovisi likaMengameli.

Ube esechaza uSisulu njegomuntu okhaliphile, ongazihlanganisi nenhlebo nezinto ezingathi shu.

OLUNYE UDABA: Iphoyisa libulale ababili kunengxabano

UNgonyama uthi ngokucabanga kwakhe i-ANC e-Eastern Cape iyamjezisa uSisulu ngokugxeka kwakhe esidlangalaleni uNobhala Jikelele we-ANC uGwede Mantashe, ngesikhathi emsola ngokudala uqhekeko kwi-ANC.

UDalindyebo udonsa isigwebo seminyaka engu-12 ejele ngemuva kwemizamo eminingi engaphumelelanga yokuba angavalelwa.

Ngo-2009, wagwetshwa imininyaka engu-15 ngecala lokubulala ngokungenhloso, elokushaya ngenhloso yokulimaza, ukushisa nokuthumba umuntu.

Ngo-Okthoba wangonyaka odlule iNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamacala yasihoxisa isinqumo ngecala lokubulala ngokungenhloso, yamehlisela isigwebo kwaba ngeseminyaka engu-12.

News24
«Emuva