Kudutshulwe kwabulawa iphoyisa egaraji likaphethiloli

2018-02-14 19:26

Johannesburg – Iphoyisa likamasipala waseKurhuleni elineminyaka engu-50 ubudala lidutshulwe labulawa esigamekweni sokuphanga esenzeke ngoLwesithathu, kusho amaphoyisa kaMasipala waseKurhuleni.

Okhulumela amaphoyisa eKurhuleni East Cluster uCaptain Thivhulawi Tshilate uthi amaphoyisa ayaphenya ngokuphangwa kwebhizinisi nangecala lokubulala.

UTshilate uthe imoto eluhlaza sasibhakabhaka yohlobo lweToyota Corolla Professional kanye nempunga yohlobo lwe-Audi A4, kuthiwa zifike egaraji lakwa-Engen eSelcourt, kungathi zizofaka uphethiloli.

Ngesikhathi isisebenzi sasegaraji siya kokhokha, sikhonjwe ngesibhamu.

Izisebenzi ezine kanye nekhasimende ebelihamba nengane encane baphoqwe ukuba bangene ekhishini, bagcinwa khona, esho.

OLUNYE UDABA: Selishonile iphoyisa lomgwaqo eladutshulwa ekhanda

Abasolwa baqhumise isisefo semali, bathatha isamba semali esingadalulwanga kanye nogwayi, kusho uTshilate.

"Ngesikhathi kusaqhubeka lesi sigameko, kuqhamuke imoto yamaphoyisa kaMasipala, amaphoyisa angena egaraji ezothenga i-airtime. Abasolwa bavele bavulela ngenhlamvu bebhekise kuwona.

"Umshayeli oyiphhoyisa udubuleke amahlandla amaningi, washonela endaweni yesigameko."

Elinye iphoyisa lesifazane lona kalilimalanga. Iphoyisa liphinde lathathelwa nesibhamu salo.

UTshilate uthi abasolwa ababalelwa kwabangu-8 babaleke ngezimoto abafike ngazo.

Amaphoyisa acela noma ngabe ubani onemininingwane ukuba afonele i-SAPS Crime Stop ku-8600 10111.

News24
«Emuva