Kugwazwe iphoyisa lashona phambi kwezingane zalo

2018-02-13 19:23

Thohoyandou – Iphoyisa elinguWarrant Officer, 54, libhokodwe ngommese lashona phambi kwezingane zalo emzini walo oseLimpopo, kusho amaphoyisa ngoLwesibili.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Motlafela Mojapelo uthe uWarrant Officer Thomas Alugumi Nemugumoni ubefika emzini wakhe ngabo-23:00 ngoMsombuluko ebusuku, ngesikhathi ehlaselwa yindoda engaziwa ngesikhali esicijile.

"Izingane zizwe ukuhayiza zase zilunguza ngewindi, kazikholwanga ngesikhathi zibona owesilisa ebulala ubaba wazo," esho.

UMojapelo uthe umsolwa ube esecela empunzini ngemuva kokuthi izingane zihlabe umkhosi.

OLUNYE UDABA: Kubulawe iphoyisa lisemsebenzini eShowe

Leli phoyisa lihlonzwe njengelishonile khona endaweni yesigameko.

Belisebenzela esiteshini samaphoyisa esiseLevubu, lisebenza ophikweni olubhekelele izidingo zomphakathi.

Imbangela yalesi sigameko ayikaziwa okwamanje.


News24
«Emuva