Kusaphenywa ngesigameko sokuhlasela ethaveni yase-Alberton

2017-04-21 18:00

Johannesburg – Amaphoyisa akhiphe isitatimende sokuthi asadinga isikhathi ukuze aqhubeke nophenyo mayelana nesigameko sokugwazwa kowesilisa ethaveni.

Lesi sigameko senzeka ngenyanga kaFebhruwari endaweni yase-Alberton lapho kwagwazwa khona uLudi Vink esweni.

Umsolwa uDanie Olivier uvele enkantolo yasePalm Ridge ngoLwesine lapho icala lakhe lifike lahlehliswa khona ngemuva kwesicelo esenziwe umshushisi uFundi Ntuli.

OLUNYE UDABA:Kugwazwe kwabulawa intombazane, 11, eSoweto

 UNtuli uthe bathole umyalelo ovela kuMqondisi wezokushushiswa kwamacala omphakathi ukuba kuphenyisiswe.

U-Olivier ubhekene necala lokubulala kanti okwamanje ungaphandle ngebheyili ka-R5,000.

News24
«Emuva