Durban – Sekushone abantu abangu-6 kwaphinde kwalimala abanye abaningi ngoLwesihlanu ntambama engozini engajwayelekile eyenzeke eBayhead Road, echwebeni laseThekwini, kusho abosizo lokuqala.
Ithimba lezokutakulwa belisendaweni yesigameko eduze nesitamkoko nalapho likhiphe izidumbu ezingu-6 zabesilisa, kusho okhulumela abakwa-ER24, uRussel Meiring.
Abezimo eziphuthumayo bawaxilonge wonke la madoda ayisithupha nalapho bethole khona ukuthi abengenazo izimpawu zokuthi asaphila. Babe sebehlonzwa njengabantu abadlulile emhlabeni khona endaweni yesigameko.
OLUNYE UDABA: Sekushone 4 kuhlasela isishingishane, uDineo
Ngaphezu kwalokho kuphinde kwalimala nabanye abantu abaningi.
Babe sebelashelwa ukulimala endaweni yesigameko basebephuthunyiswa ezibhedlela ezahlukene endaweni ukuze bezothola okunye ukwelashwa.
Iziphathimandla zisendaweni yesigameko ukuze zizoqhubeke nophenyo.
Kusenjalo, iTimesLive ibike ukuthi abasebenzi bashone ngemuva kokuba kuvuze igesi bengaphansi komhlaba.
Lolu wudaba oluqhubekayo, kanti eminye imininingwane ngalo isazolandela.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba
ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
News 24