Kuthiwa asidlwenguli futhi asibulali kodwa siyazidlela lesi sigebengu

2018-01-12 19:30

eGoli - Isigebengu okuthiwa sifika kuphela uma sifuna okuya ngasethunjini.

Lo mlisa kuthiwa akadlwenguli futhi akabulali, kuphela umema wonke umuntu ukuba eze etafuleni nezinto zekha ezibizayo.

Kufike kudliwe, abathathele impahla yabo ebizayo ngaphambi kokuba anyamalale.

Yize ikhona imibiko yokuthi miningi imindeni aseyigebengile, awukho umndeni oke wabika ngokulinyazwa yilesi sigebengu.

Okhulumela amaphoyisa uSergeant Harry Manaka uthe lo mlisa usegebenge imizi engu-12 endaweni yaseDuduza eKurhuleni kusukela ngo-Disemba.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe abathathu kulandela esokudubulana

"Ufike akhombe abantu ngesibhamu abaphoqe ukuba bakhiphe omakhalekhukhwini, ama-lapton, amawashi kanye nemali bakubeke etafuleni," kusho uManaka.

Uthi esuka lapho, ebe efuna ukudla.

Ngokusho kwezisulu, lesi sigebengu kasikhethi ekudleni, kodwa sibukeka sikuthanda kakhulu ukudla okubabayo ngoba siwufaka kakhulu upelepele.


Daily Sun
«Emuva