Kuthungathwa abasolwa ngokuphanga KwaMashu

2017-07-17 18:01

Durban - Amaphoyisa aKwaZulu-Natal athungatha amadoda abehlomile adubule abulala unogada wemoto yemali ashiya omunye umuntu esesimeni esibucayi ngesikhathi kubanjwa inkunzi esitolo esiKwaMashu.

Okhulumela amaphoisa, uColonel Thembeka Mbhele, uthe unogada nozakwabo bebeyolanda imali esitolo ngesikhathi behlangabezana nabasolwa ngoMgqibelo.

Uthe babanjwe inkunzi isamba semali esingadaluliwe baphinde bashaya unogada oyedwa omunye bamdubula.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe onogada ababili kubanjwa imoto yemali

"Unogada udutshulwe kanye ekhanda washiywa esesimeni esibucayi. Uphuthunyiswe esibhedlea kodwa ngeshwa ngemuva kwesikhashana washona.

"Omunye umuntu olimele bekuyikhasimende elilimale kanzima," usho njalo.

Kuphenywa icala lokuphanga, ukubulala nokuzama ukubulala.

 - Newswatch



News 24
«Emuva