Lisesimweni esibucayi iphoyisa elidutshulwe amahlandla angu-8

Ngu: Jenna Etheridge, News24 2017-03-20 12:31

Cape Town – Lisesimweni esibucayi, kodwa esizinzile,iphoyisa likaMasipala weCape Town kulandela ukudutshulwa amahlandla angu-8 lisemotweni yalo, isikhulu sikaMasipala sisho kanjalo ngoMsombuluko.

UConstable Mqondisi Mkhontwana ubesendleleni ebheke ekhaya ephuma eMandalay ngeSonto ebusuku ngesikhathi ecuthelwa kwimpambanamgwaqo eku-Mitchells Plain, kusho iLungu leKomiti elibhekelele ukuphepha nokuvikeleka, uJP Smith.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe owesifazane esemtholampilo eKZN

Izinhlamvu zingene ngomnyango ongakwesokudla emotweni. Izinhlamvu ezintathu ezidubule leli phoyisa.

USmith uthi leli phoyisa lisesimweni esibucayi, kodwa esizinzile, kulandela ukuxilongwa okuphuthumayo.

“Sinxusa noma ngabe ubani onolwazi ukuba eze ngaphambili,” unxuse kanjalo. 

News 24
«Emuva