Sesihlonziwe isisulu 'samazimuzimu' ase-Estcourt

Ngu: Chelsea Pieterse 2017-09-13 16:00

Pietermaritzburg - Izinsalela zezicubu zomuntu ezatholakala emzini wenyanga yase-Estcourt zihlonzwe njengezesakhamuzi saseShayamoya, uZanele Hlatshwayo.

Amaphoyisa abopha amadoda ayisithupha kulandela ukutholakala kwengalo nomlenze okwatholakala lapho kuhlala khona inyanga, uNino Mbatha, ngenyanga eyedlule.

UMbatha, 32, uSithembiso Sithole, 31, Lindokuhle Masondo, 32, Lungisani Magubane, 30, Khayelihle Lamula, 32, noNhlakanipho Shabalala, 25, basolwla ngokubulala uHlatshwayo base beyamudla.

Laba bavele eNkantolo yeMantshi yase-Estcourt ngoLwesibili ngamacala okubulala kanye nokwakha itulo lokubulala.

Bakhethe ukungasifaki isicelo sebheyili kanti bazobuyela enkantolo ngomhlaka-28 Septhemba.

OLUNYE UDABA: Bazogqunywa esitokisini ababhekene 'nelokudla izicubu zomuntu'

Udadewabo kaHlatshwayo, uLiziwe, watshela iThe Witness ngokwedlule ukuthi uZanele wagcina ukubonakala ngomhlaka-25 Julayi esuka kubo eyovakashela ugogo wakhe eMgungundlovu.

Umzala kaZanele, uNozipho Hlatshwayo, uthi uZanele "wayengabaza" ukuya eMgungundlovu kulandela ukuzwa umyalezo owawuzungeza kuWhatsApp mayelana nokuthunjwa kwabantu besifazane nezingane.

Kwathi uma uLiziwe noNozipho bezwa ngemibiko "yamazimuzimu" ase-Estcourt, bathinta amaphoyisa ase abayalela ukuba beze esiteshini.

Bafike bahlonza izingubo uZanele asuka ekhaya ezigqokile, ezazigcwele igazi. Amaphoyisa kwadingeka ukuthi alinde imiphumela yolibofuzo ukuqinisekisa ukuthi ngempela izicubu zomzimba ezatholakala ngezikamufi.

Imiphumela ibuye iqinisekisa ukuthi nebala umufi nguZanele.


The Witness
«Emuva