Usenkantolo osolwa ngokubulala uKarabo Mokoena

2018-04-16 10:59

Johannesburg - Ukuqulwa kwecala kwezinsolo zokubulala ezibhekene noSandile Mantsoe kulindeleke ukuba kuqale eNkantolo eNkulu yaseGauteng.

UMantsoe usolwa ngokubulala owayeyinmtombi yakhe uKarabo Mokotena, ngokumushisa nokulahla isidumbu ehlathini eLyndhurst eGoli ngo-Ephreli 2017.

OLUNYE UDABA:Kulindeleke isinqumo sebheyili kosolwa ngokubulala 'intombi'

UMantsoe ubhekene necala lokubulala, ukuphula ingalo yomthetho nokusha ngenhloso yokulimaza.

Sekuphele izinyanga uMantsoe egqunywe esitokisini kulandela ukunqatshelwa ibheyili.

Icala lahlehliswa ngenyanga edlule ngemuva kokuvela kobufakazi obusha.


 - eNCA

News24
«Emuva