Zimkhalele osolwa ngokunquma uzakwabo uqhoqhoqho emsebenzini

2017-03-20 16:01

Durban - Kuboshwe indoda eneminyaka engu-22 ubudala ngezinsolo zokubandakanyeka esigamekweni sokubulala indoda okukholakala ukuthi isebenza nayo endaweni yokudlela eseThekwini, ngempelasonto.

Isigameko senzeke endaweni yokudlela iRepublik ekhoneni likaSwapo Road noAdelaide Tambo Drive, eDurban North, ngoMgqibelo ebusuku.

Kukholakala ukuthi laba bobabili bebeqashwe kule ndawo yokudlela nokuthi babe nengxabano ekhishini.

OLUNYE UDABA: Iphethe ngokubulawa kwabathathu ingxabano endaweni yokudlela

Konke kwenzeke ngokuphazima kweso, umsolwa wahosha ummese wanquma isisulu esihlonzwe ngamaphoyisa ngelikaSizwe Shange, 32, umqala.

Okhulumela onogada benkampani iMarshall uKyle van Reenen uqinisekise ukuthi inkampani yonogada ithunyelwe endaweni yesigameko ngoMqibelo ebusuku.

"Sibizelwe endaweni yesigameko ngemuva kwezithuba zabo-19:30 kanye nabosizo lokuqala.

"Ngeshwa akukho obekungesenziwa ukuhlenga le ndoda yahlonzwa njengoshonile endaweni yesigameko," usho njalo.

Isigameko sidluliselwe emaphoyisa ukuze ezophenya. Umnikazi wendawo yokudlela uMatt Richardson uqinisekise isigameko.

Okhulumela amaphoyosa uCaptain Nqobile Gwala uthe kuphenywa isigameko sokubulala esiteshisni samaphoyisa aseDurban North.

"Kulindeleke ukuba umsolwa avele enkantolo maduze."


 - The Mercury

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     


News 24
«Emuva