Kubi kodutshulelwe imali yesitokofela

Ngu: Phumlani Gama, ILANGA 2017-12-07 12:32

Johannesburg - Kubonwa ngokusa kowesifazane waseNdabeni, eNgwavuma, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, ohlaselwe yizigebengu zifuna imali yesitokofela abeyigcine emzini wakhe, zakhala zemuka nenkece engaphezu kuka-R10 000.

Kubikwa ukuthi uNkk Ntombifuthi Mathenjwa-Gumede – ongusihlalo walesi sitokofela – ungenelwe ngabalisa abane ngoLwesihlanu, oyedwa wabo ehlomile ngezulu lezandla afike walivulela ngaphambi kokuba baqale ukupequlula yonke into esendlini.

Kusolwa ukuthi kulaba balisa bekukhona nabendawo.

UNkk Mathenjwa, okuvela ukuthi imali ibihlala kuyena, udutshulwe amahlandla amabili maqede kwashaqwa le mali.

Ngokuthola kwephephandaba ILANGA, lesi sigameko sisukumise amalungu omphakathi waseNdabeni azinikele ukuphuma umkhankaso wokuthungatha umkhondo wezigilamkhuba.

Ngakolunye uhlangothi, kwawona amalungu omphakathi abuye ahlukana phakathi ngokuthi igcinelweni imali emzini womuntu.

Ingxenye yamalungu omphakathi ithi izogcina isiphoqeleka ukuhlala nomuthi wokucupha amasela nazo izigilamkhuba.

ILANGA lihambele kuyo le ndawo okuyilapho lithole khona ukuthi kakusona esokuqala lesi sigameko futhi sekujwayelekile ukuba minyaka yonke kubanjwe inkunzi ngendlela efanayo.

OLUNYE UDABA: Kuthiwa beliphazamisekile emqondweni iphoyisa elibulale ababili

“Sisethukile namanje ngoba kusuka kuqale unyaka silokhu sibeke imali silungiselela ukuthi kuzothi lapho uphela, sihlangane nemindeni yethu sibe noKhisimusi omuhle.

“Ngokubeka imali siyasizakala nangokuthi sibuyisele izingane ezikoleni zigqoke imifaniswano ophelele. Kubuhlungu esikwenziwa yizingane zethu ngoba thina sicabangela zona. Lokhu ngikusho ngoba bekungeke kusuke abantu bezobamba inkunzi lapha endaweni kungekho oxhumane nabo,” kusho omunye wabafolokazi ongafunanga ukudalulwa.

Umphakathi uphinde wagxeka amaphoyisa aseNdumo ngokuhudula izinyawo.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uCpt Thembeka Mbhele, uthe kalikho icala elivuliwe esiteshini samaphoyisa aseNdumo.

Ucele ukuthunyelelwa imininingwane yesigameko.

News24
«Emuva